U-Magashule Ukhwela Udilika Kwabagxeka u-Zuma
Written by Mfundo on 22 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
Unobhala we-ANC osamisiwe uAce Magasule uthi ngeke akuvume ukuthi abaholi baphambilini benhlangano ebusayo bakhulume kabi ngowayengumengameli wezwe uJacob Zuma.
U-Magashule ubekhuluma nabezindaba njengoba ebevele kafushane ekantolo yamajaji eBloemfontein.
Ngesonto eledlule owayengumengameli wezwe uThabo Mbeki umenywe wuphiko lwesikhashana lweANC eFree State, ukuthi azokwethula inkulumo yokudala ubunye nobumbano.
Enkulumeni yakhe uMbeki ugxeke ubuholi baphambilini benhlangano ebusayo ikakhulukazi ngesikhathi sika Zuma.
Kusukela kwakhethwa uZuma njengomengameli ngo-2007 uMbeki akaze alibeke nakowodwa nje umcimbi we-ANC. Uqale ukubonakala emicimbini walenhlangano emvakokuba kukhethwe uCyril Ramaphosa njengomengameli.
U-Magashule uthi ukukhuluma kabi ngoZuma kuloyamcimbi kukhombise ukuchema.