U-Magashule Useqhutshwa Inhliziyo Egcwele Izifiso – Umhlaziyi

Written by on 2 August, 2021

By: Zilungile Mkhize

Umhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi yase North West uBarry Hanyane, uthi imizamo ka Ace Magashule yokufuna ukuyophikisa futhi isinqumo sokumiswa kwakhe njengonobhala we-ANC  ngeke siphumelele.

NgolwesiHlanu olwedlule uMagashule wafaka isicelo enkantolo sokuvunyelwa ukuba ayophikisa isinqumo se-South Gauteng High Court.

Ngo Mashi nonyaka,  i-ANC yanikeza uMagashule izinsuku ezingu-30 ukuthi ashenxe esikhundleni sakhe sokuba nguNobhala-Jikelele njengoba esabhekene namacala okukhwabanisa ahlobene nethenda lika-R125 million la-asbestos, ngesikhathi esangu Ndunankulu waseFree State.

Uthi kunamaphutha enziwa ngamajaji ngenkathi evuna isinqumo sokumiswa kwakhe kulezinyanga ezidlule.

U-Hanyane uthi uMagashule useqhutshwa inhliziyo egcwele izifiso zokuziphindiselela kunokuthi alandele imigudu yangaphakathi eqenjini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background