U-Maimane Uyahluka Kwabanye Ngelokhetho

Written by on 30 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umholi we-One SA Movement, uMmusi Maimane, uthi ukhetho lohulumeni basekhaya kumele luqhubeke njengoba kuhleliwe.

U-Maimane ubenza izethulo zakhe phambi kwekhomishana kaDikgang Moseneke ephenya mayelana nokuthi lolukhetho oluzayo luzoba ngolukhululekile yini njengoba izwe libhekene neCOVID- 19.

Izinhlangano zezepolitiki zihlukene phakathi njengoba kukhona ezithi ukhetho kumele luhlehliswe, ngoba amaqembu engeke asithole isikhathi esanele sokukhankasa .

uMaimane uthi uma ukhetho lungahlehliswa lokho kuzobeka engcupheni impilo yabantu njengoba isimo somasipala singesihle kahle.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background