U-Malema Unethemba Ngokhetho lwa-2024

Written by on 4 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umholi we-EFF uJulius Malema uthi inhlangano yakhe yiyo ezoba ngeyesibili kuleli uma bengalinqobanga ukhetho lukazwelonke lwango-2024.

Njengamanje lenhlangano ingeyesithathu ngobukhulu, ilandela iANC, kanye neDA.

Okhethweni lohulumeni basekhaya lwangonyaka owedlule, iEFF yathola u10.60%, okwenza yaqoqa amavoti angaphezu kuka-1,1 million.

Ekhuluma nomsakazeli womphakathi, uMalema uthi into ezobenza bakhule ngamandla ukuthi iANC imatasa ilwa yodwa.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background