U-Malema Uthi Abantu Abayeke Ukujika Inkulumo Yakhe

Written by on 20 January, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umholi weEFF uJulius Malema uthi akakaze nangelilodwa ilanga athi abantu bokufika kumele bathathe yonke imisebenzi kuleli.

U-Malema ukhulume kanje nabezindaba ngesikhathi eyohlola ukuthi izindawo zokudlela eGoli, ziyawulandela yini umthetho wokuqashwa kwabasebenzi.

Ekuqaleni kwalenyanga ubuholi beEFF bathembisa ukungena zonke izindawo zokudlela, amahotela kanjalo nezokuvakasha, ukubheka inani labantu bokufika abaqashwe kuzona.

Sekukaningi abantu bakuleli besola leliqembu ngokugqugquzela ukuthi abantu bokufika kube yibo abaqashwa ezindaweni eziningi.

U-Malema uthi bona bakubeka kwacaca ukuthi imithetho yokuqashwa kwabasebenzi kumele ilandelwe futhi bahole ngendlela efanele, kungakhethwa ukuthi umsebenzi uvela kuliphi izwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background