U-Malema Uthi Ukhathazekile Amajaji Achemile
Written by Mfundo on 22 March, 2022
By: Bongani Gina
Umengameli we-EFF uJulius Malema uthi amajaji akuleli nezobulungiswa akufanele azibandakanye nezombusazwe.
Usho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabalandeli bakhe eSharperville eGauteng, nalapho bebebungaza khona usuku lwamalungelo abantu.
Uthi lokhu kuholela ekutheni kube nezinkinga ezweni futhi kulahlekisa nethemba labantu kulezikhungo, futhi imiphumela yalokhu kugcina kuwudlame.
U-Malema uthi kucacele ngisho ingane encane le, ukuthi amajaji amaningi acheme nabathize kwezombusazwe.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.