U-Malema uthi usekulungele ukubumba kabusha iqembu lakhe.
Written by Phakeme Mnguni on 17 February, 2025
By: Sthulile Mdletshe
Umholi we EFF u-Julius Malema uthi ukulungele ukwakha kabusha leli qembu nokubuyisa uzinzo kulo.
Kuzokhumuleka ukuthi ligqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi kuhlubuka amalungu alo ahlonishwayo kakhulu, eshiya ayojoyina i-MK Party eholwa owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.
Kulaba abashiya iEFF, kukhona nobengusekela mengameli u-Floyd Shivambu, nowaba yingxenye yokusungulwa kwaleliqembu.
Kamuva nje obeyilungu lePhalamende uMbuyiseni Ndlozi naye wesulile emva kwesikhashana engasabonakali emhlanganweni yenhlangano.
uMalema uthi nokho, ngeke akushaya indiva noma akuthathe kancane ukusula kwabantu ebekade ebethatha njengabafowabo kuleli qembu kodwa uzimisele ukuqhubekela phambilini ekwakheni i-EFF.