U-Mantashe Ukhuza amaZama Zama
Written by Mfundo on 17 June, 2021
By: Sthulile Mdletshe
UNgqongqoshe Wezokumbiwa phansi, uGwede Mantashe, usenxuse amaphoyisa ukuthi asheshise uhlelo lokusungulwa kophiko olukhethekile oluzobhekana ngqo nezigameko zabantu abagubha ezimayini ngokungemthetho.
Umyalelo kaMantashe ulandela uhambo lwakhe eMayini i-Orkney, esifundazweni iNorth West izolo, kulandela inhlekelele lapho kushone khona abantu abangu-20 abebevukuza kulemayini ngokungemthetho.
Kubikwa uthi kuqubuke umlilo besangaphansi komhlaba emgodini, noholele ekutheni bahluleke ukuphuma.
UMantashe uthi usamuningi umsebenzi okumele wenziwe ukunqanda izigameko ezifana nalesi kanjalo nokufundisa izakhamuzi ngobungozi bokungena emgodini kungafanele futhi kungaziwa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.