U-Mantashe Uthi Ngeke Azicelele Ukuphatha U-Eskom

Written by on 9 September, 2021

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezamandla uGwede Mantashe uthi akasiboni isidingo sokucela umengameli wezwe uCyril Ramaphosa ukuthi afake ngaphansi komnyango wakhe inkampani ephakela ugesi kuleli, iEskom.

U-Mantashe ubephendula imibuzo ephalamende, ngezinhlelo zomnyango wakhe zokuqinisekisa ukukhula komnotho ekhiqizwa yilemboni.

I-Eskom sekunesikhathi ibhekene nezinkinga ikakhulukazi ezifaka imali, njengoba benesikweletu esilinganiselwa ku R400 billion.

Ngenyanga eyedlule lenkampani iveze ukuthi ilahlekelwe yimali elinganiselwa kuR18.5 Billion. Iphinde yaveza ukuthi imali eyikweletwa ngomasipala inyukile futhi kunyakamali ka-2020/2021.

Ephendula ilunga le-IFP ephalamende uMkhuleko Hlengwa, uMantashe uthi mawungumuntu kumele usebenze ngalokhu onikezwe khona.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background