U-Mashatile uthi abantu abangabhuqwa yi TB bebhekile.

Written by on 25 March, 2025

By: Zilungile Mkhize

Usekela Mengameli wezwe uPaul Mashatile uthi uhulumeni usenyuse amasokisi emikhankasweni yokulwa nokuqeda isifo sofuba iTB. 

UMashatile ohola umkhandlu iSA Aids Council, izolo wethule inkulumo ekhethekile emcimbini wokuqwashisa ngesifo sofuba, eGamalakhe ePort Shepstone eningizimu yeKZN. 

Uthi kuyadumaza ukuthi abantu basashona ngobuningi kulelizwe ngenxa yeTB, nathi kumele engabe seyanqadwa njengoba iyisifo esilaphekayo nje. 

U-Mashatile usekhuthaze izakhamuzi ke ukuthi zisihlolele isifo sofuba uma zinezimpawu zaso, noma kunomuntu oguliswa yiso emndenini. 

Kanti usebeke kanje:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Lalela izindaba eziphelele:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background