U-Mashatile uthi bazokwakha ubudlelwano nabaholi bendabuko.

Written by on 11 December, 2024

By: Nompendulo Ngubane

Usekela Mengameli weANC uPaul Mashatile uthi uhulumeni uzimisele ngokwakha ubudlelwane nabaholi bendabuko, futhi aqhakambise izifiso zabo mayelana nezindawo abahlala kuzo nezengamelwe amakhosi nezinduna.

UMashatile usho kanje ngesikhathi ehambele indlu yobukhosi yesizwe sama Mpumuza, ePietermaritzburg maphakathi nesifundazwe, nalapho afike waxoxisana nenkosi uKhethokuhle Zondi ohola lesi sizwe.

Uhambo luka Mashatile eKZN, luyingxenye yokukhankasela ukhetho lokuchibiyela ngesonto elizayo.

Usekela mengameli uthi ukuya kwakhe ko Mkhulu base Mpumuza kungenye yezindlela zokukhombisa ukuthi amakhosi bayawahlonipha njengo mbutho.

UMashatile uphinde wathembisa ukuthi usazophinde abuye azohlangana nayo inkosi yakwa Mpumuza ukudingida izinto ezithinta intuthuko esizweni sayo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background