U-Maya Usesole abe-JSC Ngokukhombisa Ukubandlulula Ngokobulili
Written by Mfundo on 2 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
Ogaqele isikhundla sokuba yinhloko yamajaji kuleli uMandisa Maya uthi umbuzo wokuthi ingabe iNingizimu Africa isikulungele yini ukuba nenhloko yamajaji engumuntu wesifazane, ukhombisa ukubandlulula ngokobulili.
U-Maya okumanje ubambe njengomengameli wenkantolo yezokubuyekezwa kwamacala, uphonswa imibuzo yikomidi lezobulungiswa ephalamende njengoba kuqhubeka inhlolokhono yalabo abagaqele isikhundla sokuba yinhloko yamajaji.
Ebuzwa ukuthi ngabe izwe lakuleli selikulungele yini ukuba nenhloko yamajaji engumuntu wesfazane, uMaya uthi akawuboni kuwumbuzo wokubuzwa lo mbuzo.
Uthi lo mbuzo ubacasula kakhulu abantu besfazane.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.