U-Mbalula Usethule Umthetho Omusha Wokuphuca Abashayeli Izincwadi Zokushayela

Written by on 1 July, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqonqgoshe wezokuthutha, uFikile Mbalula, uthi ukuqala kokusebenza kohlelo olwaziwa nge-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences kuzokwehlisa ingozi emgwaqeni.

Kuloluhlelo, labo abaphula imithetho yemigwaqo bazophucwa amaphuzu nokuzoholela ekutheni ugcine usuphucwe izincwadi zokushayelwa noma zihoxiswe iminyaka emithathu.

U-Mbalula thi loluhlelo luzoba nomthelela omkhulu kwezokuphepha emgaqweni njengoba abashayeli bezophucwa amaphuzu uma benze amacala aphambene nemithetho yomugwaqo.

Uthi njengamanje ngokusebenzsiana ne-Road Traffic Infringement Agency, umnyango wakhe uzokwenza isiqinisekiso sokuthi umphakathi uthola ulwazi ngalolu hlelo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Uqhuba ngokuthi lomthetho awuhlosile ukujezisa abashayeli kodwa uhlose ukukhuthaza ukushayela ngokucophelela.

Phambilini izinhlangano i-Automobile Association kanye ne Organisation Undoing Tax Abuse zakubeka kwacaca ukuthi azihambisani naloluhlelo, kodwa uMbalula uthi lokhu kuzokwehlisa kakhulu izinga lezingozi emgaqweni .


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background