U-Mbalula uthi bazoqondiswa izigwegwe oskhwili uphambana nobhoko.

Written by on 6 January, 2025

By: Phakeme Mnguni

UNobhala-jikelele we-ANC uFikile Mbalula usememezele ukuthi azoqondiswa izigwegwe amalungu alenhlangano angomakadebona uTony Yengeni no-Obed Bapela ngokuziphatha athi kubonakale kulimaza isithunzi seqembu.

UYengeni ubhekene namacala okugxeka ubuholi be-ANC ezinkundleni zokuxhumana kanye nokweseka iMK Party eholwa nguJacob Zuma.

UBapela ubhekene nengwadla ngohambo olungagunyaziwe lwanyakenye lokuya eMorocco, olwashayisana nesinqumo se-ANC mayelana nokuqhwaga kwengxenye yesifundazwe esisogwini lwenyakatho ne Africa i-Western Sahara.

UBapela wanxusa ukuthi kuthuthukiswe ukubambisana kwezomnotho phakathi kweNingizimu Afrika ne-Morocco futhi waseka ukubuyiselwa kwalelizwe ngaphansi kwenhlangano yamazwe ase-Afrika, i-African Union.

Ngokwencwadi ephuma ehhovisi likaNobhala Jikelele we-ANC, uBapela usolwa nangokuqamba amanga kulolu hambo, athi uthunywe yi ANC, yize ayenganikiwe igunya lokuthatha loluhambo.

I-ANC kudala yeseka ilungelo labantu baseSahrawi, abazithola beyingxenye yalombango futhi iyakugxeka ukuthatha kweMorocco eWestern Sahara. Leli qembu libona lokhu njengokwephulwa komthetho wamazwe ngamazwe futhi selicele ukuthi kusetshenziswe izinqumo zenhlangano yezizwe, nokubalwa kuzo ukuthi kube nenhlolovo yabantu baseSahrawi.

UMbalula uxwayise ngokuthi amalungu aziphatha ngendlela ephazamisayo, azobhekana nemiphumela.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background