U-Mbeki Ugadla Kwi-ANC
Written by Mfundo on 29 October, 2021
By: Sthulile Mdletshe
Owayengu Mengameli we-ANC uThabo Mbeki uthi kuzomele iqembu elibusayo lisebenze ngokuzikhandla ukufezekisa zonke izethembiso elizenze kubantu emphakathini, ikakhulu leyo entulayo.
U-Mbeki usho kanjena ethula inkulumo yakhe ngesikhathi enengxoxo namalungu eANC kanjalo nabezindaba eICC eThekwini.
Uthi akukwazi ukuthi abaholi be-ANC ezinhlakeni ezahlukene, bayaqhubeka nokuphuma bengena emphakathini bethembisa abantu impilo engcono kodwa kungabonakali lutho.
Inkulumo yakhe iza nje, sekusele izinsuku ezimbili nje kuphela kuyiwe okhethweni lohulumeni basekhaya.
Uqhuba ngokuthi lelizwe libhekene nenkinga enkulu yokuntuleka kwemisebenzi, ugesi ohlupha njalo, umnotho ontengayo, ubugebengu obuphezulu nokunye okuningi.
Uthike ijoka leqembu elibusayo ukulungisa konke lokhu.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.