U-Mbeki Uthi i-ANC Kumele Izinuke Amakhwapha

Written by on 28 June, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Owayengumholi we-ANC uThabo Mbeki uthi leli qembu kumele lizikhuculule lona ngaphambi kokuba likwazi ukuhola ngendlela efanele.

U-Mbeki usho kanje ephawula ngombiko wekhomishana ebiphenya iState Capture, othulwa inhloko yamajaji uRaymond Zondo.

Kulombiko uZondo usole owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ngokuba ngungqondongqondo ekutheni umndeni wakwaGupta uzicanasele, uphinde uthole namathenda kuhulumeni.

Lekhomishana ithi uZuma, ubelalela kakhulu umndeni wakwaGupta uma imutshela ukuthi ubani okumele abe kusiphi isikhundla kuhulumeni, okufaka phakathi nalabo abaqokelwa ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni.

U-Mbeki uthi inkohlakalo idla lubi ngoba inkinga ikubaholi be-ANC uqobo lwayo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background