U-Mchunu Unxenxa Izinyunyana Kwelemiholo Yabasebenzi Bakahulumeni

Written by on 5 July, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UNgqongqoshe wezabasebenzi bakahulumeni, uSenzo Mchunu, usenxuse izinyunyana zabasebenzi bahulumeni ebesezidubile izingxoxo zamaholo ukuba zibuyele etafuleni.

U-Mchunu ubambe isithangami echaza ukuthi ubhubhane lweCOVID-19 luwushaye kanjani umnyango wakhe, nokuthi uhulumeni ngeke akwazi ukunyusa amaholo kulokhu ayikho njengamanje.

Lezizingxoxo sekunesikhathi ziqhubeka kanti uMchunu wathola ukugxekwa izinyunyana i-Congress Of South African Trade Unions (COSATU) kanye ne-Public Servants Association (PSA) mhla efuna ukuba umphakathi nawo uba nezwi ngaloludaba.

Lezinyunyana zifuna imiholo inyuke ngo 12% kanti uMchunu uthi uhulumeni ubeka u-1.5%.

U-Mchunu uthi basazimisele nokuthola isisombululo esizojabulisa wonke umuntu ngakho banxusa izinyunyana ukuba zibuye kuxoxiswane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background