U-Mchunu Uthembisa Ukulungisa Eyamanzi
Written by Mfundo on 13 October, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
UNgqongqoshe wezamanzi kanye nenhlanzeko uSenzo Mchunu uthi uhulumeni uzozilungisa zonke izinkinga ezikhona kuleli zamanzi.
U-Mchunu usho kanje ehambele isikhungo esisebenza ukuhlanza amazi eMpumanga kanye nomfula omkhulukazi iVaal, ongenwe ukungcola okuyisimanga.
Uthi ziningi izingqinamba umnyango wakhe obhekene nazo neseziholele ekutheni imiphakathi eyahlukahukene igcine isiswela amanzi.
U-Mchunu uqhuba ngokuthi bewuhulumeni ngeke bakwazi ukulwa bodwa nenkinga yokugqoza kokuletha kwamanzi emphakathini, kodwa bazodinga umphakathi ukuba nawo udlale indima yawo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.