u-Miss K Ugeqa Amagula Ngenkohlakalo ka SSA

Written by on 29 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

Ikhomishana ephenya nge State Capture seyizwe ngobufakazi obahlukene mayelana nezinhlelo ezaziwumshosha phansi ziqhutshwa wuphiko olubhekelele imisebenzi ekhethekile kwa State Security Agency.

Ezinye zezinhlelo ezaziqhutshwa yiloluphiko i-Operation Hollywood, eyayisebenza ukuqapha ihlole izinto ezenziwa yizikhulu ezithize ezimbonini ezahlukene nakuhulumeni zingazi.

i-Project Lungisa, yona yayisebenza ukubuyisa emgqeni labo ababebonaka sengathi sebephikisana nombuso nemigomo ethize.

Ufakazi igama lakhe eligodliwe noseqanjwe elika Miss K, uthi ezinye izinhlelo eziningi ezazikhokhelwa imali zazingakaze zibekhona kodwa kukhona ababethola imali ngazo.

Umholi wobufakazi uAdvocate Paul Pretorious usefunde incwadi efungelwe eqhamuka ku Miss K mayelana nalezinhlelo ezazidla izigidi zamarandi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background