U-Mkhize Ufisa Ukubona Intuthuko e-Willlow

Written by on 1 November, 2021

By: Nompendulo Ngubane

Owayengu Ngqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uZweli Mkhize uthi ukubhekwa kwentuthuko okufana namanzi kanye nokwakhiwa kwemigwaqo endaweni yase Willowfontein, yizona zinto okuzomele lowo ozophumelela okumele azibheke.

U-Mkhize ukusho lokhu ngesikhathi ezovota esikhungweni enkulisa iThandolwethu, nalapho evota khona njalo uma kunokhetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi izindaba ze-Gagasi FM zike zabika ngokungaboni ngaso linye komphakathi wakule ndawo, lapho ubungafuni ukuthi uSbusiso Mkhize omele iqembu le-ANC kube nguyena omele leli qembu kuyo le wadi.

U-Mkhize uthi yize bebaningi abantu bamaqembu ahlukene abakhankasayo, kodwa umphakathi wase Willowfontein yiwona ozozikhethela ukuthi ufuna ukuholwa ngubani.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background