U-MKhize Uyaziphendulela Ezinsolweni Zenkohlakalo
Written by Mfundo on 26 May, 2021
By: Sthulile Mdletshe & Zilungile Mkhize
uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, u-Zweli Mkhize, uthi akukho akuzuza ngethenda lokukhangisa elatholwa inkampani i-Digital Vibes.
U-Mkhize ubephendula emvako phenyo oluphothulwe uphiko oluphenya ngenkohlakalo kuhulumeni, mayelana nethenda elakhishwa umnyango oholwa nguye.
Lenkampani ilawulwa yilowo owayengumkhulumeli wakhe uMkhize, uTahera Mather, nowayengumsizi wakhe, uNaadhira Mitha.
Le nkampani kubikwa ukuthi yathola u-150-million wamarandi ukwenza umsebenzi mayelana nohlelo lomnyango iNational Health Insurance kanye nempi kahulumeni yokulwa neCOVID-19.
uMkhize uthi asiko isidingo sokuthi ashenxe eskhundleni sakhe kodwa uthi kumele umnyango uguqule isinqumo senkontileka uma kukhona ukuphambana nomthetho.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uqhuba ngokuthi okwamanje sekuzoqondiswa izigwegwe kulabo abatholakale benesandla ekukhishweni kwalelithenda.