U-Mlambo Uyakhala Ngokungazinzi Kwepolitiki Yakuleli

Written by on 3 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli wamajaji eGauteng uDuston Mlambo uthi ukhathazekile ukuthi amajaji asebenza ngaphansi kwengcindezi edalwa ukungazinzi kwezepolitiki kuleli.

U-Mlambo wenza inhlolokhono yokuba yinhloko yamajaji.

Omunye okade enza lenhlolokhono ngumengameli wamajaji enkantolo enkulu yokudluliswa kwamacala uMandisa Maya, ngolwesibili bekuwu yijaji enkantolo yomthetho sisekelo uMbuyiseli Madlanga, besekuthi kusasa kuzoba oyisekela lenhloko yamajaji uRaymond Zondo.

Amajaji akuleli asethole ukugxekwa okuningi phambilini ikakhulukazi ngezinqumo eziphumela abaholi bezombusazwe.

Esivuke ogqokweni yileso inkantolo ephakeme yasegoli eyasikhipha esasivimba ukunekelwa abezindaba umqulu womkhankaso kamengameli uCyril Ramaphosa. Lenkantolo yathi lomqulu awuvalwe ubekwe.

U-Mlambo uthi ukuzimele kwamajaji nezinkantolo kudlezi kubhekwe ngabomvu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background