U-Mogoeng Ubhodla Umlilo Ngomgomo
Written by Mfundo on 15 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
Owayeyinhloko yamajaji kuleli uMogoeng Mogoeng uthi izakhamuzi akumele ziphoqwe ukuba zigomele iCOVID-19.
Ngesikhathi kuvumbuka leligciwane umengameli uCyril Ramaphosa wakuqinisekisa ukuthi akekho umuntu ozophoqwa ukuthi agome kodwa lokho kubukeka kushintshile njengoba izinkampani eziningi kanye nezikhungo zemfundo ephakeme sezikwenze kwaba umthetho ukuthi wonke umuntu ozongena kulezakhiwo kumele kube oligomele leligciwane.
Kumanje abanye abafundi bazishaya amakhanda ukuthi bazokwenzenjani uma bengakholelwa ekutheni lomgomo ungabasiza futhi bengafuni ukuwuthatha.
Ekhuluma ne-eNCA, uMogoeng uthi umthetho sisekelo wakuleli uthi abantu kumele bazikhethele ngabafuna ukukufaka emzimbeni yabo.
Uqhuba ngokuthi kwalona ulwazi olunikezwa umphakathi nge COVID-19 alucacile kahle.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.