U-Motsoaledi Uxwayisa Abaqasha Abokufika Ngokungemvume Kuleli
Written by Mfundo on 29 October, 2021
By: Zilungile Mkhize
UNgqongqoshe obhekelele ezasekhaya uAaron Motsoaledi usefunge wagomela ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile abaqashi abashaya indiva imigomo yokusebenza nokuqashwa kwabantu bokufika kulelizwe.
Usho kanjena ekhuluma esithangamini sabezindaba asibambe nabalingani bakhe kwezokuthutha kanye nezemisebenzi, kulandela umhlangano ababe nawo nabashayeli bamaloli abakhala ngokuqashwa kwabantu bokufika njengabashayeli kuleli.
Lomhlangano ulandele imibhikisho yalabashayeli abavale imigwaqo engothelawayeka uN3, uN9 kanye no N10 ngamaloli, babanga isiminyaminya bethi akekho umuntu wokufika okumele engabe uqashwe njengomshayeli weloli kuleli.
Ungqongqoshe uMotshoaledi uthi ukungalandelwa kwemigomo yezasekhaya ethinta abokufika nokusebenza kwabo kuleli, kuza nezinkinga eziningi ngale kokudala udlame embonini yezokuthutha ngamaloli.
Uthi uma isisebenza imithetho emisha kuzomele ihambisane nezijezo eziqinile kulabo abayephula.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.