U-Moyane Uphendula Nge “Rogue Unit”

Written by on 27 May, 2021

By: Lindelani Mbatha

Owayengukhomishana wakwa-SARS, uTom Moyane, uthi uphiko lwalesisikhungo olwasungulwa ngokungekho emthethweni olaziwa ngeRogue Unit, ladla imali elinganiselwa ku-R1 million.

uMoyane usetshele ikhomishana kaZondo ephenya i-state capture ukuthi loluphiko okusolakala ukuthi lwasungulwa ngungqongqoshe obhekelele amabhizinisi kahulumeni uPravin Gordhan ngesikhathi esaqashwe kwa SARS, belusebenza kulesisikhungo umshoshaphansi.

uGordhan ephekwa ngemibuzo ngummeli kaMoyane uDali Mpofu waphika wema ngentaba ukuthi nguye owasungula loluphiko, wathi yena akakaze ayalele muntu ukuba asungule loluhlaka.

uMoyane uthi bakhona abasebenzi baloluphiko abaphumele obala kuye, ngokuqashwa kwabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background