U-Mpofu uthi U-Zuma Ukhishwa Inyumbazane Umthetho Wakuleli
Written by Mfundo on 31 January, 2022
By: Lindelani Mbatha
Ummeli kalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, uDali Mpofu uthi wonke umuntu kumele azizwe evikelekile ngaphansi komthetho wakuleli.
U-Mpofu wenza izethulo zakhe enkantolo yamajaji ephakeme ePietermaritzburg.
U-Zuma ufuna inkantolo imnikeze igunya lokudlulisela phambili isinqumo sayo sokuchitha isicelo sakhe sokuthi kugudluke umshushisi weNPA iBilly Downer.
Emaphepheni asenkantolo uZuma uthi unethemba enye inkantolo ingakhipha esinye isinqumo ngesicelo sakhe.
U-Mpofu uthi akukwazi ukuba kungathiwa abantu bayalingana phambi kwenkantolo bese kodwa kubakhona umthetho obhekana kuphela noZuma.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Mpofu qhuba ngokuthi akekho umuntu oseke wahlangabezana naye phambilini okungalandelwa umthethosisekelo uma kubhekenwe naye.
Usetshele inkantolo ukuthi okwamthusa kakhulu ukubona uZuma agwetshwe izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele, ngaphandle kokuqulwa kwecala okwakuthiwa ubhekene nalo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.