U-Mshengu Ugxeka Umphakathi Ngokuphazamisa ikusasa Labafundi

Written by on 25 January, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

UNgqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal, uKwazi Mshengu, uthi bazoqhubeka nokuxoxisana nabomdabu, abomthetho kanye nomphakathi wakwaNyavu eMkhambathini, ukuze kutholakale isombululo ngokushesha enkingeni ekhona yokuvalwa kwezikole.

U-Mshengu usho kanje ekhuluma nabezindaba kulandela ukuhambela lendawo engaphandle kwaseMungundlovu, ukuyohlola isimo njengoba izikole zakhona seziphinde zavalwa futhi.

Othisha kanye nothishanhloko bakulendawo bathole izinsongo kubantu abangaziwa kanti kwakuvele kunezinye ezazinamathiselwe ngaphandle kwezikole zokuthi zingavulwa nhlobo.

Laba abenza loku bafuna iNkosi yendawo uSikhonathi Mdluli ibuyiselwe esihlalweni sobukhosi.

U-Mshengu uthi sekungumkhuba okhona futhi omubi wokuthi uma imiphakathi ibhikisha ngokuthize icekele phansi izikole noma isabise othisha.

Uthi akumele kuphazanyiswe ikusasa lezingane uma kukhona ekufanele kulungiswe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background