U-“Mshishi” Zwane usenethemba ngeBafana Bafana

Written by on 27 March, 2023

BY: Simtho Dladla

UThemba “Mshishi” Zwane uthi iBafana Bafana inamathuba amaningi okunqoba umdllo wayo wokuhlungela i-African Cup of Nations ne-Liberia ngo-Lwesibili.

I-Bafana ingaphansi kwenkulu igcindezi ukuthi inqobe kulomdlalo kwazise uma behluleka angeke besakwazi ukuba ingelinye lamaqembu azogadulisana e-Ivory Coast ngonyaka ozayo.
Emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium, iBafana idlale ngokulingana ne-Liberia okubashiya behlezi emsileni ku-Group K ngephuzu elilodwa.

Amazwe amabili kuphela aqeda phezulu azokwazi ukudlala kwi-African Cup of Nations ngoJanuary wonyaka ozayo njengoba iMorocco izihola phambili ngamaphuthu ayisithupha ilandelwe izwe laseLiberia.

I-Bafana isithelekile eMamba Point edolobhaneni laseMonorovia eLiberia, kanti uMshishi uthi sebekwazile ukuhlala phansi nabalingani bakhe ukubheka amaphutha abawenzele emlenzeni wokuqala nokuzomele bayigweme.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

image: Backpagepix


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background