U-Ndabeni-Abrahams Uthi Abakhokhelwe Ngesikhathi Osomabhizinisi

Written by on 14 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane uStella Ndabeni-Abrahams uthi kumele uphele umkhuba weminyango kahulumeni wokukhokhela  izinkampani ezincane sekudlule isikhathi.

U-Ndabeni-Abrahams ubekhuluma nezithunywa ezihambele ingqungquthela yeminyaka yonke ye-Proudly SA Buy Local Summit and Expo.

Sekuphele iminyaka engu-10 iProudly SA igqugquzela ukuthi izinkampani kanye nabantu bakuleli bathenge kakhulu imikhiqizo yakuleli.

Ungqongqoshe uthi izinkampani ezincane ezenza umsebenzi nohulumeni kumele zikhokhelwe zingakadluli izinsuku ezingu-30.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background