U-Ndlozi Usika Elijikayo Ngabakhangisi Abacwasa Ngokwebala

Written by on 15 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Ilungu le-EFF ephalamende uMbuyiseni Ndlozi lithi izikhangiso zezitolo zinakho ukukhombisa ukubukela phansi abantu bebala elimnyama.

U-Ndlozi ukhulume kanje phambi kwekhomishana yamalungelo eGoli iSAHRC, njengoba isiqalise ukubheka ucwaso emkhakheni wezokukhangisa kuleli.

Lokhu kuza emva kokuthi yavala thanqa izitolo zakwa Clicks, kulandela isikhangiso esasiqhathanisa izinwele zabansundu kanye nabamhlophe.

Kulesi sikhangiso kwabonakala izinwele zbantu abamnyama zichazwa njenge zomile nezonakele bese kuthi ezabamhlophe zichazwe njegezinhle, ezondlekile nezilulekile.

Ezokwethula ubufakazi phambi kwalekhomishana uNdlozi uthi lezizikhangiso yizo izizathu zokuthi abantu bebala elimnyama behlezi bezinyeza futhi bezama ukuba ngcono ngoba abamukelwa beyilokhu abazalwa beyikho.

Uthi ukuthengwa kakhulu kwemikhiqizo ekhanyisa isikhumba kuyafakaza ukuthi abesifazane bebala elinsundu bafuna ukukhanya ngebala ukuze bengeke bekhishwe inyumbazane.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

U-Ndlozi uqhuba ngokuthi okukhathaza kakhulu ukuthi izinkampani ezinkulu zibabukela phansi abakhangisi labo abalalelwa noma abanabafundi abamnyama uma zifaka izikhangiso zazo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background