U-Ngqongqoshe Wezempilo Ubalula Inselelo ye-Oxygen Ezibhedlela zase-KZN

Written by on 14 January, 2021

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezempilo KwaZulu-Natal  uNomagugu Simelane Zulu uthi esikhathini esiningi iKZN iyaba senkingeni yokushoda kweOxygen esiza ezibhedlela.

uSimelane Zulu ubephendula imibuzo yamalunga ekomidi lezempilo ephalamende.

Ngesonto eledlule kushone iziguli ezingu-6 esibhedlela esizimele emvakokuba kuphazamiseke imishini ezinikeza iOxygen.

Sekuvele ukuthi ukushoda kwalomoya wokuphefumula yikho okuholela ekutheni kufe abantu abaningi ngenxa yeCovid 19, evala ukuphefumula.

uSimelane Zulu uthi bayaxoxisana nezinye izinkampani ezikulomkhakha ukuqinisekisa ukuthi iOxygen ayipheli ezibhedlela.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background