U-Njomane Uhlabane No-Distinction Abawu-7

Written by on 21 January, 2022

By: Nompendulo Ngubane

Omunye wabafundi baka matikuletsheni ophumelele ngamalengiso esifundeni uMgungundlovu, uthi yize bebefunda ngaphansi kwengcindezi kodwa ukulandela izeluleko zothisha yikho okusize kakhulu.

U-Ntethelelo Mhlongo ofunda esikoleni samabanga aphezulu, iLuthando endaweni yase Mpendle ngaphandle kwedolobha iPietermaritzburg, uphume ihlandla lesine esifundeni uMgungundlovu kanti uhlabane no-distinction abangu-7.

Lesi sifunda sithole indawo yesikhombisa ngokwemiphumela ka matric ka 2021 ezingeni lezifunda ngama phesenti angu-76,5%.

Imiphumela yebanga leshumi esifundazweni sakwaZulu-Natal imenyezelwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe wezeMfundo uKwazi Mshengu nalapho encome khona abafundi bonyaka ka-2021 ngokuphasa kahle yize kube nezingqinamba.

Ekhuluma nezindaba ze Gagasi FM, uMhlongo uthi uphumelele nje ngoba esebenze kanzima nangokuzimisela.

Khonamanjalo, uthisa nhloko wakulesikole uZodwa Nxele usezwakalise injabulo nokuziqhenya kwakhe ngemiphumela.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background