U-Ntuli Unxenxa Amalungu Ombutho Ukuthi Ehlise Umoya
Written by Mfundo on 30 September, 2021
By: Nompendulo Ngubane
I-ANC KwaZulu-Natal ithi izikhalo zamalungu ayo mayelana nalabo abasohlwini lokuvotelwa okhethweni lohulumeni basekhaya abangeneme ngabo, zizolungiswa emva kokhetho.
UNobhala we ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli ukusho lokhu ekhuluma namalungu aleliqembu ku ward 13, okuyindawo yase Slangspruit neFrance, eMgungundlovu.
Lomhlangano ubizwe ngenhloso yokuzoxazulula, achaze aphinde alungise izinkinga njengoba umphakathi uhlukene phakathi mayelana nabantu ozobavotelwa ngo November.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-Gagasi FM libike udaba lapho amanye amalungu alesigceme evale umgwaqo ebhikisha, ethi lowo ofakwe ohlwini lokuba avotelwe njengekhansela le-ANC amfuna ephumile.
U-Ntuli usho kanje ekhuluma nalo mphakathi.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.