u-Ntuli uthembisa ukulwa nenkohlakalo kulesifundazwe.
Written by Mfundo on 14 August, 2024
By: Pamella Majola
U Ndunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli uthi impi yokunqanda inkohlakalo nobugebengu iseqhulwini lwezinhlelo zikaHulumeni kanye nabezokuphepha kulesifundazwe.
U Ntuli usho kanje ethula isabelo mali sika 2024/25 sehhovisi lakhe sika R784 000 000, esiShayamthetho ePietermaritzburg.
Kulesabelomali ezobunhloli zithole uR41 million.
U Ndunankulu uthi ihhovisi lakhe lizoqinisa liphinde likhuthaze ukusebenzisana nomnyango wakwa CoGTA ukuze kubhekwane nenkohlakalo yokukhwabanisa, izinto ezingekho emthethweni, kanye nokuphathwa budedengu kwezinsiza kusebenza nezimali athi kwenzeka emazingeni omasipala.