U-Nzimande Uthi i-ANC Izozimela Izithembiso Zayo

Written by on 18 October, 2021

By: Lindelani Mbatha

Unobhalala jikelele weSACP uBlade Nzimande uthi ukuvotela iANC okhethweni lohulumeni basekhaya kuzokwenza ukuthi uhulumeni aqhubeke nalapho egcine khona ukuthuthukisa imiphakathi.

U-Nzimande ubekhuluma nabasebenzi emcimbini obuhlelwe yiCosatu eThekwini.

INingizimu Africa kulindeleke ukuthi ibambe ukhetho lohulumeni basekhaya ekuqaleni kwenyanga ezayo.

Izinhlangano ezahlukene zezepolitiki zimatasa zinxenxa amavoti kanti nesibalo sabantu abangenele ukhetho ngokuzimela sinyukile.

U-Nzimande uthi kuningi okuhle osekwenziwe yiANC ukuphucula izimpilo zabantu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background