U-Pappas Uthi Kade Safika Isikhathi Sokuxegisa Imigomo
Written by Mfundo on 24 March, 2022
By: Nompendulo Ngubane
Umeya kamasipala uMngeni uChris Pappas uthi ukuvalwa kwezwe ngenxa ye Covid-19 kudale izinkinga eziningi nokubalwa kuzo ukudilizwa kwabasebenzini kanjalo nokuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni.
U-Pappas ukusho kanje ngenkathi ethamele umkhankaso wokufundisa kuphinde kuqwashiswe abantu ngesifo sofuba, iTB , eMpophomeni.
Namhlanjenake usuku lokuqwashisa ngesifo sofuba, i-World TB Day.
U-Pappas uqhuba ngokuthi isinqumo sikamengameli uCyril Ramaphosa sokuxegisa imigomo ye Covid-19 kumele ngabe kade asethula, ukunqanda ukubhebhetheka kwezinselelo ezibheke kumnotho wezwe.
Uthi iqembu lakhe kade laligqugquzela ukuthi umengameli akwenze lokhu.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.