U-Percy Tau ufuna ukuba usizo kwi-Bafana.

Written by on 17 June, 2023

BY: Simtho Dladla

Isihlabani seBafana Bafana uPercy Tau uthi unethemba lokuthi ukwenza kahle kwakhe neqembu adlala kulona i-Al Ahly kuzoba nomthelela omuhle naseqenjini lesizwe lakuleli.

U-Tau uzoba ingxenye yeqembu leBafana elizobhekana ne-Morocco e-FNB Stadium emdlalweni wokuhlungela i-African Cup of Nations. i-Lion on Juda, njengoba eteketiswa kanjalo, isanda kunqoba indebe ye-Caf Champions League ne-Al Ahly yase-Egypt ngesonto eledlule bebhaxabula i-Wydad Casablanca kowamanqamu.

Uyakwazi ukubaluleka kokunqoba eFNB Stadium kwazise leliqembu lika-Hugo Broos lizoba ngelinye lamaqembu adlala e-Ivory Coast uma kuqala unyaka ka-2024.

Bekubanjwe umoya ukuthi uzokwazi yini ukudlala kulomdlalo kulandela ukuhlaselwa kakhulu ukulimala kule-season ephelayo kanti ukunqoba kuzobasiza  ekutheni babheke ukuthi sebehambe bafikaphi njengeqembu.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Ryan Wilkisky/BackpagePix


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background