U-Peters Uthi Akathinteki Kwinkohlakalo Yakwa PRASA
Written by Mfundo on 22 February, 2021
By: Bright Ntuli & Zilungile Mkhize
Owayengungqongqoshe wezokuthutha kuzwelonke, uDipuo Peters, usevele phambi kwekhomishana ephenya izinsolo zokudliwa kombuso iState capture.
U-Peters uvele njengoba lekhomishana isibuyela ekubhekeni izinsolo zenkohlakalo ekubikwa ukuthi yenzeka kwa Passanger Rail Angency South Africa (PRASA).
Ethula obakhe ubufakazi kulekhomishana uPeters useziphikile zonke izinsolo zokuthi uyabandakanyeka kulenkohlakalo.
UPeters uthi akakaze azihlanganise nokukhishwa kwamathenda.
UPeters uqhuba ngokuthi akahambisani nobufakazi obuthi ngesikhathi uJacob Zuma esenguMengameli wayefuna kubuyiselwe uLucky Montana esikhundleni sokuhola iPRASA.
uMontana wayesekade asula kulesikhundla.
Ngonyaka odlule, owayengusihlalo webhodi lakwa PRASA uPopo Molife watshela lekhomishana ukuthi uZuma wayenako ukugxwambukela emisebenzini walelibhodi, egcizelela ngokuthi wabayalela ukuthi babuyisele uMontana emsebenzini.
uPeters uphawula kanje ngalobufakazo.