U Ramakgopa uthi iningi lihlulekile ukuguqukela kuhlelo lwamamitha olusha.
Written by Phakeme Mnguni on 27 November, 2024
By: Buhle Mbhele
UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthi babalelwa 1.7 million abasebenzisa ugesi wekhadi abahlulekile ukubhalisela uhlelo lwamamitha amasha ngaphambi kosuku lonqamulajuqu wangeSonto.
U Ramakgopa utshele ikomiti lePhalamende elibhekele ugesi kanye nezamandla ukuthi lokhu kubeka engcupheni u-Eskom ngoba ungase ulahlekelwe imali elinganiselwa ku-R2 billion wamarandi.
Usephinde wagcizelela ukuthi ukwethulwa kohlelo olusha lwamamitha kuhlose ukunqanda usihlava sagesi wezinyokanyoka nokulungisa izindlela zokusebenza kulenkampani ephakela ugesi.
U Ramakgopa uthi u-99% wamakhasimende akwa-Eskom aguqulele ku-KRN2, kodwa isibalo sabathengi be total zero silinganiselwa ku-1.7 million.
Ngokwezibalo zakamuva, inani lamakhasimende akwa-Eskom manje selinyukile lisuka ku-6.9 million laya ku-7.2 million futhi ukunyuka kungenxa customer data cleanup.
URamokgopa ubeke wathi ukusetshenziswa kwamamitha okurekhoda kwakungeyona indlela yokulawula izikweletu, kodwa ikwazile ukuvula izimo lapho amamitha kagesi asetshenziswa ngokungemthetho.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi u-Eskom ulahlekelwa u-R2.5 billion ngenyanga ngenxa yabantu abasebenzisa ugesi ngokungemthetho.