U-Ramaphosa Kumela Abhekane Ngqo Nokuqashwa Kwabokufika – COSATU

Written by on 8 February, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu ithi ingathanda ukuzwa uMengameli Cyril Ramaphosa ecacisa ngokusetshenziswa kwemigomo mayelana nokuqashwa kwabokufika.

Omele iCosatu ephalamende u-Mathew Parks uthi izinkampani uma ziqasha abasebenzi, kumele u-60% kube abakuleli.

Uthi lapho ekuqashwe khona abantu bokufika kwashiywa abantu bakuleli kumele kube khona ubufakazi bokuthi abantu bakuleli bebengenalo ikhono lokwenza lowomsebenzi.

U-Parks uthi uma uRamaphosa engakabi naso isibindi sokubhekana ngqo nempi yokuqashwa kwabantu bokuhamba isibalo sabantu abangasebenzi kuleli sizolokhu sinyukile njalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background