U-Ramaphosa ugcizelala eyokulwa nokushoda kokudla.
Written by Phakeme Mnguni on 29 November, 2024
By: Zilungile Mkhize
UMengameli uCyril Ramaphosa usephinde wagcizelela ukuzibophezela kukahulumeni ekubhekaneni nokushoda kokudla kanye nokulwa nezifo ezitholakala ekudleni, ikakhulukazi emiphakathini edla imbuya ngothi.
Ethula inkulumo yakhe yaminyaka yonke eMkhandlwini obhekele ezezifundazwe, iNCOP, uRamaphosa usekuvumile ukuthi cishe ingxenye enkulu yemindeni yakuleli ibhekene nengwadla yokuntula ukudla.
U Ramaphosa uthi selokhu kubheduke izifo ezihlobene nokudliwa kokudla okunobuthi, okuthengwa kuma spaza shops, seyenyukile imikhankaso yokuqapha kuhlolwe lezitolo nokusebenza kwazo.
Uthi konke lokhu kwenziwa ukuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi ikakhulukazi izingane eziphuma ziyothenga oncamnce kulezitolo.
“Abantu abaningi baseNingizimu Afrika bathola ukudla kwabo ezitolo amaspaza shops nakubahwebi abangekho emthethweni kodwa, ukwanda kwakamuva kwezifo ezizalwa ngokudla kuveze ubungozi obuhambisana nalezi zitolo. Ukufa kabuhlungu kwezingane eziningi kuye kwadinga isinyathelo esiphuthumayo nesiwujuqu,” kubeka uRamaphosa.