U-Ramaphosa Ukhuza Uqhekeko Kwi-ANC

Written by on 28 February, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli weANC uCyril Ramaphosa uthi amalunga alenhlangano kumele aqinisekise ukuthi uqhekeko lwangaphakathi kulombutho luyaphela.

U-Ramaphosa ubekhuluma namalunga alenhlangano eEastern Cape.

Umengameli walenhlangano umatasa uhambela izifundazwe zonke ukuyoxoxisana ngabakwenze kahle kanye nabangakwenzanga kahle okhethweni lohulumeni wasekhaya, obelubanjwe ngonyaka owedlule.

Kulolukhetho iANC yehlelwe ngabavoti, njengoba ilahlekelwe ngomasipala abaningi.

Amalunga alenhlangano ngesikhathi ekhuluma akhale ngokwehlukana okubahlasele. Kuzokhumbuleka ukuthi iANC kulindeleke ukuthi ibambe ingqungqthela yokukhetha ubuholi ekupheleni kwalonyaka.

U-Ramaphosa uthi ukwehlukana esikhathini esiningi kudalwa ngabantu abafuna ukuzizuzela ngokwabo ezintweni ezithile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background