U-Ramaphosa Uphawula ngo R500 Billion

Written by on 24 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi ukube uhulumeni akakhiphanga imali yokuxhasa amabhizinisi akhahlanyezwe ukubheduka kwe-COVID 19 ngabe ziningi izinkampani esezavalwa kuleli.

U-Ramaphosa ubevula ngokusemthethweni i4th South Africa Investment Conference, ebanjelwe eGoli.

Kusukela kubheduke iCOVID-19 kuleli uhulumeni wamemezela ukuthi ubeke uR500 billion ukusiza izinkampani kanjalo nalabo abangathathi entweni.

U-Ramaphosa uthi lemali yokuxhasa lezinkampani isizile ukunqanda ukulahleka kwemisebenzi.

Ephawula ngezithinta ukuphehlwa kukagesi kuleli, uthi uhulumeni uzibophezele ekuletheni izinguquko ezinzulu ekusabalalisweni kukagesi.

Inkampani ephakela ugesi kuleli, uEskom, ibhekene nenkinga yokuhluleka ukusabalalisa ugesi owanele okudala ukuthi ubuye ube nohlelo lokucisha ukugezi izikhawu.  Ngenyanga eyedlule lenkampani iveze ukuthi ukucisha kukagesi izikhawu kungenzeka kuqhubeke njalo, njengoba bekhala ngeziphehli ezingakwazi ukuphehla amandla anele kagesi.

U-Ramaphosa uthi basebenzisana namabhizinisi ukuthola izisombululo zalengwadla.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background