U-Ramaphosa Useyitholile Imibuzo Ye-SCOPA
Written by Mfundo on 28 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ikomidi lePhalamende elibhekele ukusebenza kwezimali zomphakathi iSCOPA, selithumele incwadi enemibuzo eyahlukene kuMengameli uCyril Ramaphosa.
Lencwadi icela okaRamaphosa ukuthi aphendule ngamazwi aqoshiwe aputshuka ngephutha emphakathini, mayelana nezinsolo zokusebenzisa budedengu imali yabakhokhi bentela ukuxhasa izinhlelo zamaqembu ezepolitiki.
USihlalo weSCOPA, uMkhuleko Hlengwa, uthi uMengameli unezinsuku eziyishumi nje kuphela ukuthi abuyise izimpendulo zalemibuzo.
Uthi uma sebezitholile, bazobheka ukuthi sikhona yini isidingo sokuba amenywe ukuzovela bukhoma phambi kwalelikomidi.
Khonamanjalo, oyinhloko yeHhovisi lika Mengameli weANC uSibongile Besani, usekuqinisekisile ukuthi uRamaphosa uzomelana nomyalelo we SCOPA.