U-Ramaphosa Uthi Akunasidingo Okwenziwa i-Russia
Written by Mfundo on 25 February, 2022
By: Lindelani Mbatha
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi asikho isidingo sengxabano ephakathi kwe-Russia kanye ne-Ukraine.
U-Ramaphosa ubekhuluma kusithangami i-Intergovernmental National Litigation Forum esihlelwe yi-Solicitor General ePitoli.
Lokhu kungaboni ngasolinye phakathi kwalamazwe kudalwe wukuthi iUkraine ingelinye lamazwe asemdibimunye namazwe eNATO, lawomazwe angadlelani nhlobo neRussia.
I-Ukraine ingumakhelwane omkhulu neRussia kanti ukuthatha ubulungu be-NATO kuchaza ukuthi izimbangi zeRussia okuyi USA kanye ne-UK sezizosondela kakhulu kuleliyazwe.
I-NATO neyinhlangano yamazwe angu-28 yiyo eyakhipha umyalelo ngo-2011 wokuba kusocongwe owayengumholi waseLibya uMuammar Gaddafi, eyayimsola ngokuphula amalungelo abantu.
IRussia inokwesabake ukuthi lamazwe angaphansi kweNATO asondela ku-Ukraine ngoba efuna ukusoconga umengameli wayo uVladimir Putin, yingakho benqume ukuqapha ngelibanzi izifunda ezimbili zaseUkraine, iDonetsk kanye neLuhanski, ezingenza kubelula ukuthi lenhlangano ingenele kuleliyazwe.
U=Ramaphosa uthi into efunekayo ukuhlalaphansi kuxoxiswane ngezinkinga lamazwe womabili obhekene nazo.