U-Ramaphosa Uthi Akuphakanyiswe Abesifazane Ngokomnotho

Written by on 7 October, 2021

By: Pamella Majola

UMengemeli uCyril Ramaphosa uthi yonke iminyango kahulumeni kanye nezinkampani ezizimele kufanele zisebenzisane ukufukula amabhizinisi abesifazane.

U-Ramaphosa ubekhuluma emcimbini iWomen Economic Assembly, okuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi abesifazane badlala indima ebonakalo kwezamabhizinisi futhi bayahlomula kumnotho wakuleli.

Uthi ukufukulwa kwabesifazane kuyingxenye esemqoka yemizamo kahulumeni yokuqeda nya indlala emphakathini kanye nokuqinisekisa ukuthi abesifazane abasali ngaphandle kwezamabhizinisi njengoba bekwenzeka phambilini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background