U-Ramaphosa Uthi Baphezu Kodaba LweSilo

Written by on 8 March, 2022

By: Lindelani Mbatha

Umengameli uCyril Ramaphosa uthi ihhovisi lakhe liluphethe ngobuchule udaba oluthinta iSilo uMisuzulu kaZwelithini.

Ngesonto eledlule inkantolo yamajaji eMaritzburg iveze ukuthi uMisuzulu uqokwe yindlunkulu ukuba abe ngumholi wesizwe samaZulu ngokungephikiswe.

Kuzokhumbuleka ukuthi khona endlunkulu kukhona abangahambisani nokuqokwa kwakhe nabathathe incwadi yamafa eSilo bayihambisa enkantolo, bekhala ngobuqinisekiso yeSignature kaMdlokombane.

Ephendula izintatheli ngodaba lokugcotshwa kweSilo samaZulu, uRamaphosa ubeke kanjena.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background