U-Ramaphosa Uthi Bawuthathela Phezulu Umonakalo oseThekwini
Written by Mfundo on 14 April, 2022
By: Bongani Gina & Sthulile Mdletshe
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi imvula nezikhukhula okuhlasele iKwaZulu-Natal, sekube nomthelela omubi kakhulu emnothweni wakulesifundazwe.
Uhulumeni wesifundazwe usuveze ukuthi sebengaphezulu kuka-300 abantu abalahlekelwe zimpilo zabo ngenxa yalemvula kanti inqwaba esadukile.
U-Ramaphosa uthi nomnotho ukhahlamezeke kakhulu ngokulimala kwemigwaqo engothelawayeka kanti bazosebenzisana nohulumeni wakulesfundazwe kanye namasosha ukubhekana nesimo.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.
“While this is a disaster, we must hold hands together as South Africans, as people of KZN and as all structures of Government. We are treating this disaster with level of seriousness it requires…”
~President @CyrilRamaphosa #KZNFloods pic.twitter.com/be0jjkVhWG— Presidency | South Africa 🇿🇦 (@PresidencyZA) April 13, 2022
Imeya yeTheku uMxolisi Kaunda ithi kusazoba nzima ukwakha kabusha kulungiswe lapho konakele khona, uma imvula namanzi kungakehli ngokwanele.
U-Kuanda uthi izinhlaka ezahlukene zomkhandlu zisebenza kanzima ukukhanda ugesi namapayipi amanzi aphazamisekile.
UMnyango wezeMpilo esifundazweni nawo usukuqinisekisile ukuthi bangaphezu kuka-300 abantu asebeshonile ngenxa yezikhukhula nemvula enamandla ezindaweni ezakhele iTheku.
Nokho, uKaunda useqinisekise abahlali ezindaweni ezithikamezekile ukuthi uMasipala uphezu kwezinhlelo zokulungisa.
powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.