U-Ramaphosa Uthi Sekuyisikhathi Sokubuyisa Umnotho e-Afrika

Written by on 16 November, 2021

By: Pamella Majola

UMengameli uCyril Ramaphosa uthi iNingizimu Afrika isimi ngomumo ukusebenzisana nawo wonke amazwe ase-Afrika ukuze kwakhiwe ubudlelwano obulinganayo futhi obunobulungiswa.

U-Ramaphosa usho kanje ethula inkulumo yakhe embukisweni, i-Intra-African Trade Fair 2021 obajelwe eThekwini.

Lombukiso uhlanganise izinkampani ezingu-80 zakuleli ezixhaswe nguhulumeni, kanti unikeza abathengi bakwamanye amazwe kanye nabatshali mali ithuba lokuthi bashintshane ngolwazi olungaqinisa ubudlelwane bokusebenzisana, nazolekelela ukuvula amathuba okuthuthukisa umnotho wamazwe ase-Afrika.

U-Ramaphosa uthi sekuyiskhathi sokuthi izwekazi libuyise amandla alo okuzidalela umnotho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background