U-Ramaphosa Uthi Ukukhiqizwa Kwemigomo Kuleli Kuzobuyisa Ithemba
Written by Mfundo on 20 January, 2022
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Umengameli uCyril Ramaphosa uthi iNingizimu Afrika kumele iziqhenye ngebanga eselihambile ekuzameni ukulwisana nesihlava seCOVID19.
U-Ramaphosa ukhulume kanje eKapa lapho asethule khona ngokusemthethweni iskhungo okwisona esizokhiqiza imigomo yeCOVID-19 kuleli, iNantSA.
INingizimu Africa kanye namanye amazwe asezwenikazi iAfrika abengenayo indawo yokukhiqiza imigomo kanti ebeze athembele emazweni asentshonalanga, nobekuyinto emba eqolo kakhulu.
U-Ramaphosa uthi lokhu ke bekuyichilo njengoba lelizwekazi linososayensi kanye nongoti bezempilo abahamba phambili emhlabeni futhi abanolwazi ngamagciwane abulalayo njenge COVID 19.
Uthi ngisho ongoti bamazwe omhlaba bayavuma ukuthi iNingizimu Afrika inezingcithabuchopho.